Zulu

Liyini ivangeli na?

Liyicebo elihle likaNkulunkulu lokwelapha amanxeba adalwe isono emhlabeni. Liphinde libe yicebo laKhe lokubuyisela ebantwini ukuzwisiseka okuyikho nokuliqiniso maqondana nesimilo saKhe esihle. Lokhu kuzwisiseka okuyikho kwenzelwe wonke umuntu olahlekelwe ukuqondisisa kahle isimilo sikaNkulunkulu, ngenxa yokuhlubuka, ukuzenzisa, isiko kanye nezimfundiso zamanga. Uma lithembekile ibandla, liba umgudu osetshenziswa uNkulunkulu ukuzuza lelicebo lokwelapha amanxeba esono. Ngenxa yokuthi izinjongo zikaNkulunkulu zembulwa ngesiprofetho, angeke likwazi ibandla ukusebenzisana naYe uma lingenakho ukuzwisisa okufanele.

Izincwadi ezabhalwa ngu-Andreas Dura

Andreas DuraU-Andreas Dura (1954-2021) ubengumfundisi ohole lonke ibandla ngemuva ngokudlula komsunguli walo u-Fred Wright emhlabeni ngonyaka ka-1997. Umsebenzi ka-Andreas ubufana nse nalowo owenziwa ngu-Martin Luther kanye John Wesley emabandleni abo ngesikhathi esingaphambili. Lowo msebenzi owokuba umholi onika izeluleko kanye nezigijimi (izintshumayelo) ebandleni lonke jikelele.

Ngonyaka ka-1989, umsunguli webandla wahlaselwa ukugula, okwamenza waba buthakathaka, nokwenza ukuthi angabe esakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokutshala ivangeli. Ukugula kwakhe kwenza ukuthi u-Andreas kube nguye oqhubeka nomsebenzi wokutshala ivangeli. Ngonyaka ka-1994, enyangeni kaNcwaba (August) wagcotshwa ngokusemthethweni.

U-Andreas ubengenaso isikhathi esiningi sokuhlala phansi abhale izincwadi. Okuningi akufundisa, wakufundisa emadokodweni, nasemaSabatheni. Ezinye zezigijimi (izintshumayelo) zakhe zilotshwe phansi. Ezinye zazo zisaguqulwa ukuthi zibe izincwadi.

Cindezela lapha ukuze uzitholele izincwadi zakhe.


Izincwadi ezabhalwa ngu-Fred Wright

Fred WrightU-Fred Wright (1925-1997) ubeyinceku kaNkulunkulu eyasetshenziswa ukusungula ibandla lethu, kanye nokuqhubela phambili ukukhanya kwesigijimi (kwentshumayelo) esanikwa okokuqala ngonyaka ka-1888 ngu-E.J. Waggoner no-A.T.Jones. Isigijimi (sentshumayelo) sakhe sesekelwe enhluphekweni yakhe ebuhlungu yokulangazelela ukukhululwa ebugqilini besono. Esigijimini sakhe esithi, “isono akukona lokho esikwenzayo, kepha siyilokho esiyikho”, isixazululo senkinga yesono akukona nje kuphela ukuxolelwa kwezenzo ezimbi ezenziwe umuntu, kunalokho “singukukhululwa ebugqilini besono.”

U-Fred Wright wafundisa ukuthi “ingqondo yenyama” okufundiswa ngayo encwadini yabaRoma 8:7 “iyinhliziyo yetshe” okufundiswa ngayo encwadini ka-Hezekeli 36:26, iyimvelo yobubi yesimoya edinga ukususwa nezimpande zayo enyameni yomuntu, esikhundleni sayo kufakwe imbewu kaJesu Kristu. NjengoJohane umBhabhadisi, u-Fred Wright wafundisa ukuthi “izembe kufanele libekwe empandeni yesihlahla”.

Ngenxa yokuthi wayevame ukusebenzisa umfanekiso wesihlahla esihle nowesihlahla esibi okuyisihlahla sameva ukubonisa isimo semvelo yesimoya yomuntu, ezinye zezitha zakhe zazimbiza ngokuthi “u-Wright isihlahla sameva”. Lokwedelelwa akuzange kumkhathaze nakancane.

Okuningi afundisa ngakho u-Fred kwashicilelwa phansi kwaba izincwadi kanye nezincwajana.

Cindezela lapha ukuze uzitholele izincwadi zakhe.