F. T. Wright

Fred WrightU-Frederic T. Wright (1925-1997) wazalelwa, waphinde wakhulela edolobhaneni elincane elaziwa ngokuthi i-Mirani, elitholakala e-North Queensland, ezweni lase-Australia. Umama wakhe wayelandela izimfundiso zebandla i-Seventh-day Adventist. Lezimfundiso wazidlulisela ebantwaneni bakhe.

Babebathathu abantwana emndenini wakubo futhi bonke bengabafana. Yena wayengowokuqala. Eseneminyaka engu-19 wahamba wayofunda ekolishi elalibizwa nge-Australasian Missionary (namuhla lelikolishi selaziwa ngokuthi i-Avondale). Umshado, kanye nezikweletu acwila kuzo ngonyaka ka-1949 ezama ukusabalalisa izincwadi zevangeli, kwamenza ukuthi ashiye ekolishi. Ngonyaka ka-1953 wathola umsebenzi wobuthishela ekolishi i-New Zealand Missionary. Kulelikolishi wayefundisa izifundo zokubaza nezokwakha. Akagcinanga nje kuphela ngokuba uthisha, waphinde waba ngumdala webandla kulo lelikolishi.

Ngenkathi ewuthisha kulelikolishi, ukuchwensa, indelelo kanye nenkani eyayikhonjiswa ngabanye babafundi bakhe yayiyisilingo esasivivinya ukubekezela kwakhe. Ukwenza kwalabafana kwakumfikisela intukuthelo esabisayo. Ngandlela thile, wayekwazi ukuyilawula lentukuthelo uma esegunjini lokufundisa. Kepha abantu okwakuyibona ababebhekana nalentukuthelo ayeyivalela ngaphakathi kwakhe, kwakuba umkakhe nabantwana uma eya ekhaya ngezimpelasonto. Iphushana elincane nje elalenzeka endlini ngezimpelasonto laliphelekezelwa inqwaba yamagama abuhlungu nalumelayo. Emuva kokubhavumula, wayezisola kakhulu, bese ecela intethelelo kuNkulunkulu. Kepha wayengakutholi ukukhululwa kulesisono, nanxa eseyicelile intethelelo. Kunalokho wayezithola esiphindaphinda lesisenzo sakhe sokulawula intukuthelo emsebenzini, nokuyigodla ngaphakathi kwakhe, afike ayithulule kumkakhe nabantwana endlini ngezimpelasonto. Kwakubukeka singekho isixazululo kulenkinga yakhe.

Ngalesikhathi sokuhlukumeza umndeni wakhe ngamazwi ahlabayo ngezimpela-sonto, kwakunemvuselelo yesigijimi (yentshumayelo) sangonyaka ka-1888 esashunyayelwa ngu-A.T.Jones ngokuhlanyela no-E.J. Waggoner ebandleni i-Seventh-day Adventist. Izincwadi ezazibhalwe yilababhali zavundulwa, zafundwa ngabaningi. Ukuhlangana nalesi sigijimi (intshumayelo) sokuphila ngokunqoba kanye nokukhululwa emandleni esono, senza ukuthi u-Fred agcine ethole isixazululo senkinga yakhe. Wathola ukuphumula kanye nokuthula enhliziyweni yakhe. Lolulaka olubi nolusabisayo olwalulawula impilo yakhe lwanqamuka.

Isono Akukona Lokhu Okwenzayo, Kepha Yilokhu OyikhoKwamcacela bha u-Fred ukuthi “isono akukona lokhu okwenzayo, kepha yilokhu oyikho,”. Wabona futhi ukuthi ukuxolelwa kwangempela akusho nje ukususwa kwecala lezenzo ezimbi ozenzile, kunalokho kungukususwa kwezimpande zesono enhliziyweni yomuntu.

Akabange esahlala isikhathi eside ebandleni i-Seventh Day Advent, ngoba wanqunywa maphakathi kweminyaka yo-1950, unqunyelwa ukwenqaba kwakhe ukuyeka ukushumayela ngamandla alesigijimi (alentshumayelo) esiguqule impilo yakhe. Akuthathanga isikhathi ekhishiwe ebandleni, uNkulunkulu wase embizela ukuba umfundisi ngokugcwele. Isigijimi (intshumayelo) asifundisa iminyaka engu-40 elandelayo sakhula, sazala ibandla i-Sabbath Rest Advent.

axe to the rootU-Fred washumayela ukuthi “ingqondo yenyama” etholakala encwadini yabaRoma 8:7 iyefana ne “nhliziyo yetshe” okukhulunywa ngayo encwadini ka-Hezekeli 36:26, nokuthi iyimvelo embi yesimoya, edinga ukusiphulwa nezimpande zayo enyameni yomuntu. Bese kufakwa imbewu enhle ka-Kristu endaweni yayo. Njengo-Johane umBhabhadisi, u-Fred naye wafundisa ukuthi “izembe kufanele libekwe empandeni yesihlahla.”

Ngenxa yokuthi entshumayelweni yakhe wayevamise ukusebenzisa umfanekiso wesihlahla esihle kanye nalowo wesihlahla esibi okwakuyisihlahla sameva ukukhombisa isimo semvelo yomuntu yesimoya, ezinye zezitha zakhe zazimbiza ngokuthi “u-Wright isihlahla sameva”. Lokwedelelwa akuzange kumkhathaze nakancane.

Zonke izindikimba afundisa ngazo zazesekelwe phezu kwentshumayelo yokuphila ngokulunga nokuqoba isono.


Ngicabangisa Okomuntu

Ngicabangisa Okomuntu

Need description. 28p

Okuqukethwe

  1. Ngicabangisa okomuntu
  2. Enye indlela yokucabanga
  3. Ukuzwisisa okungelona iqiniso
  4. Umbuzo obalulekile
  5. Uthando lomuntu nothando olungcwele
  6. Izipho zothando
  7. Imithetho nemithetho
  8. UNkulunkulu uwusekele umhlaba
  9. Induku kaMose
  10. Kungani kungenzekanga ngaphambili na?
  11. Ukuhlanzwa kwethempeli
  12. Ubufakazi besiphambano
  13. Ukuqonda okusizengeni eliphakeme nelingcwele
DOWNLOAD


PDF  ODT  Working Files (ZIP)

Phaphamani Ngokufaneleyo Ningoni

Phaphamani Ngokufaneleyo Ningoni

Lencwadi ikhombisa lokho abaningi abakwamukela njengokungcono ab-angakwenzelwa uNkulunkulu, okuqhelelene kakhulu nalokho okusengqondweni yaKhe ngabo.

UNkulunkulu usinika amandla okuwugcina umyalelo waKhe othi: singoni futhi umema imiphefumulo ukuthi ize izokwamukela ukuhlinzeka okunamandla akulungiselele abalahlekile nabenza okubi. 21p

DOWNLOAD


PDF  ODT  Working Files (ZIP)